Okhokhelwayo omele (“i-rep payee”) ngumuntu oqokwe i-Social Security Administration (SSA) ukuthi ikuphathele I-Social Security noma izinzuzo ze-SSI. I-SSA izoqoka kuphela okhokhelwayo uma ikholelwa ukuthi awukwazi ukuphatha imali yakho ukuze kuhlangatshezwane nazo zonke izidingo zakho zokudla, okokugqoka kanye nezindlu.
Le ncwajana izokusiza uqonde ukuthi uyini okhokhelwayo, ubani ongaba okhokhelwayo, yini okufanele akwenzele yona, namalungelo akho nomuntu okhokhelwayo.
Ulwazi olwengeziwe luyatholakala kule ncwajana eshicilelwe ngabakwaLegal Aid: Okufanele Ngiyazi Uma NgineRep Payee